PropertyValue
?:author
?:datePublished
  • 2021-07-02 (xsd:date)
?:headline
  • Abadubuli baKwaZulu, Ningizimu Africa? Cha, ividiyo eyathunyelwa indodakazi kaZuma, yayikade iqoshwe ngefilimu eVenezuela ngo 2019 (sw)
?:inLanguage
?:itemReviewed
?:mentions
?:reviewBody
  • Read this report in English . Iziqhumane ZaKwaZulu....Silindile #Nkandla, okubhalwe ithwithi eyathunyelwa nguDudu Zuma-Sambudla , indodakazi kaJacob Zuma , owayekade enguMongameli wase Ningizimu Africa ngo 1 July 2021. Ithwithi lena ikhombisa ividiyo enezandla ezicuphisela ukudubula ngesibhamu seAK-47 , bese futhi zidubula izinhlamvu emkhathini wasebusuku. Kunowesibili umuntu yena odubula phezulu ngevolovolo elincane. Kuzwakala nengoma eculwa ngesiZulu , olunye lwezilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika eziyi-11 . Abadubuli kanye nendawo la bedubula khona ayaziwa muntu. & Iziqhumane ZaKwaZulu...Silindile #Nkandla pic.twitter.com/uuPpFKtpWe — Dudu Zuma-Sambudla (@DZumaSambudla) July 1, 2021 Njengamanjena, lethwithi isihehe abaphendulayo ngethwithi abangu 733, kwathi abangu 341 babeka imibono yabo. Ithwithi isibonwe ngabangu 45,900. Mhlaka 29 June 2021 Inkantolo yoMthethosisekel o ePhezulu yagweba uJacob Zuma izinyanga ezingu 15 , ngokungahloniphi inkantolo, nokuthi futhi Akahloniphanga isikhundla namandla enkantolo , esho ephindelela ehlasela, ehlisa isithunzi samajaji. Inkantolo yanquma ukuthi uZuma kumele ezhwithi eyafafazeka kakhulu, ibithunyelwe nguDudu Zuma-Sambudla, indodakazi kalowo owanguMengameli yeNingizimu Africa, uJacob Zuma, ayizange iqoshwe eNingizimu Africa kulelisonto. Yathathwa eVenezuela ngo 2019, yabe seyakhiwa , ngisho neculo imbala, kabusha ngokwenkohliso nomgunyathi insukwini ezinhlanu, azinikezele esiteshini samaphoyisa, buduze nomuzi wakhe eNkandla , noma esiteshini samaphoyisa esiseGoli. Inkantolo yoMthethosisekelo ePhezulu, yiyona esesicongweni eNingizimu Africa. Abalandeli bakaZuma kuthiwa bafunga ukuthi sebeyobuthana ngaphandle komuzi wakhe eNkandla, khona esifundazweni saKwaZulu-Natal . Bayobe sebeqala umkhankaso womzabalazo. Kuliqiniso na ukuthi levidiyo ethunyelwe yindodakazi kaZuma, ikhombisa ngempela abadubuli abangabalandeli bakaZuma, belindile esangweni lomuzi wakhe? Sikuhlolile lokhu. ‘Izigebengu zivivinya izikhali zazo’ eCaracas Ucwaningo ngeGoogle lusibonise ukuthi levidiyo yaqala ukuthunyelwa ngo 7 December 2019 , abezindaba beSumarium , abashicilela ngolwimi lweSipanishi lwase Venezuela. Ikhonjwa kumthombo wezindaba iCima 360 . ISumarium ichaze ividiyo : Así comenzó el fin de semana en la Cota 905, en Caracas. Delincuentes prueban su armamento, marcan territorio y siembran el terror en los vecinos. Uma abeGoogle behumusha okubhalwe ngokuqavile kulevidiyo, bathi, Iqale kanjalo impelasonto eCota 905, eCaracas. Izigebengu zivivinya izikhali zazo, zibeka uphawu endaweni, futhi zitshala ukwesaba komakhelwane. Okuzwakalayo kulevidiyo ewumsuka, kuneculo elingahlabelelwa ngesiZulu, nanoma nje luphi ulwimi lwaseNingizimi Africa. ICaracas inhlokodolobha yaseVenezuela. ICota 905 ingxenye yedolobha ephethwe yizo lezigebengu. Lo mbhalo we-twitter obhalwe nguDudu Zuma-Sambudla, indodakazi yowayengumengameli uJacob Zuma, awuthathwanga eNingizimu Afrika kuleli sonto. Yathathwa eVenezuela ngo-2019 futhi umsindo ushintshiwe. Ihunyushwe nguVusi Benedict Mchunu. (sw)
?:reviewRating
rdf:type
?:url